Ce document contient le Symbole d'Athanase en langue zoulou (ou isiZulu) parlée en Afrique du Sud, au Lesotho, en Eswatini, au Malawi et au Mozambique.

2 pages.

Le Symbole d’Athanase en langue zoulou (ou isiZulu) Isivumo Sokolo Esitiwa Esika Saint Athanasius

Umuntu otanda ukusindiswa: kuyafuneka kakulu kunako konke ukuba abambelele aqinise kuio uKolo oluKatolika.
Lol’uKolo inxa umuntu engalulondolozile lupelele lung’onakele : ngokwempela wobhubha kube pakade.
UKolo oluKatolika yilolu lokuti : masikonze uNkulunkulu munye sivuma ubuTatu, sikonze futi ubuTatu sivuma ubuNye.
Singazixubanisi izinQobo : singahlukanisi iSubstansi.
Ngokuba uQobo lukaYise lulodwa, nolwenDodana lulodwa : nolukaMova oy’iNgcwele lu lodwa.
Kodwa ubuNkulunkulu bukaYise, nobenDodana, nobukaMoya oy’iNgcwele bunye : udumo lunye, ubukosi bunye bupakade.
Njengokuba uYise enjalo, injalo nenDodana : unjalo noMoya oy’iNgcwele.
UYise kenziwanga, inDodana kayenziwanga : uMoya oy’iNgcwele kenziwanga.
UYise kanamkaulo, inDodana kayinamkaulo : uMoya oy’iNgcwele kanamkaulo.
UYise ung’uSimakade, inDodana ing’uSimakade : uMoya oy’iNgowele ung’uSimakade.

Kepa akusibo oSimakade abatatu : munye kupela. Futi akusibo abatatu abangenamkaulo, akusibo abatatu abangenziwanga : ongenziwanga munye, ongenamkaulo munye kupela.
Kunjalo-ke futi uYise ung’umNinimandhla onke, inDodana ing’umNinimandhla onke : uMoya oy’iNgcwele ung’umNinimandhla onke.
Kepa akusibo omNinimandhla onke abatatu Munye kupela.
Njalo-ke uYise ung’uNkulunkulu, inDodana inguNkulunkulu : uMoya oy’iNgcwele ung’uNkulunkulu.
Kepa akusibo oNkulunkulu abatatu : munye kupela.
Njalo-ke uYise uy’in-Kosi, inDodana iy’inKosi : uMoya oy’iNgcwele uy’inKosi.
Kepa akuswo amaKosi amatatu : inye kupela.
Njengaloku simelwe iginiso lika Kristu : ukuba sivume lololuQobo nalolo ngokwalo ukuba lung’uNkulunkulu nenKosi ;
Njalo-ke singatshelwe uKolo oluKatolika ukutsho ukuti : kukona oNkulunkulu abatatu, namaKosi amatatu.
UYise kenziwanga : kadatshulwanga, kazalwanga. InDodana ivela kuYise yedwa : ayenziwanga, ayidatshulwanga, kodwa ing’ozelweyo.
UMoya oy’iNgcwele uvela kuYise nenDodana kenziwanga, kadatshulwanga, kazalwanga, kodwa ung’opumayo.
Kunjalo-ke kukona uYise munye, abako abatatu; inDodana inye, awako amatatu : uMoya oy’iNgcwele Munye, abako abatatu.
Futi kulobu’buTatu aluko uQobo olungapambi kwolunye, aluko olu ngasemva kwolunye : aluko olukulu kunolunye, aluko olungapansi kwolunye;
Kodwa lezo ‘zingQobo zontatu Ulingene ngobupakade : nangobukulu.
Kunjalo-ke kuko konke, njengaloku sekutshiwo : ngakukonzwa ubuNye ebuTatwini, kukonzwe nobuTatu ebuNyeni.
Ngako-ke otanda ukusindiswa : makaqonde kanjalo ngabo ubuTatu.
Futi ngokusindiswa okupakade kuyafuneka : ukuba akolwe ngeqiniso kuko ukuzitatela kwake ubuntu nJesu Krista inKosi yetu.
Ngokuba uKolo oluy’ilo yiloku kwokuba sikolwe sivume ukuti : uJesu Kristu inKosi yetu, inDodana ka Nkulunkulu, ung’uNkulunkulu nomuNtu.
UnguNkulunkulu oweSubstansi lika Yise, ezelwe kungakabiko izikati : ung’umuNtu oweSubstansi iikanina, wazalwa emhlabeni.
Ung’uNkulunkulu opeleleyo, nomuNtu opeleleyo : enompefumulo oqondayo nenyama yesintu.
Ulingene noYise ngobuNkulunkulu bake: ungapansi kuka Yise ngobuNtu bake.
Nakuba eng’uNkulunkulu nomuNtu : kasibo ababili, ung’uKristu munye kupela;
Munye, kungayi ngokupendulwa kwobuNkulunkulu bube inyama : kuya ngokungeniswa kwobuntu kuNkulunkulu.
Munye kanye, kunge ngokuxutshaniswa kwama­Substansi : kodwa ngobunye boQobo.
Njengaloku umpefumulo ogondavo nenyama ku ng’umuntu munye : Kunalo-ke uNkulunkulu nomuNtu ung’uKristu munye ;
Owahlupekela ukusisindisa : wehla waya kwabapansi, ngosuku lobutatu wabuya wavuka kwabafileyo.
Wenyuka waya ezulwini, usahlezi kona ngasekunene kukaYise uNkulunkulu umNinimandhla onke : uvakuvela kona ezokwahlulela abasekona nabafileyo.
Ekufikeni kwake bonke bayakuvuka benemizimba yabo : balande imisebenzi yabo.
Kwoti abenze okuhle baye ekugaleni okupakade abenze okubi bave emlilweni opakade.
Yiloku oku’luKolo oluKatolika : uma umuntu engakolwa yiko ngokuginisileyo kanakusindiswa.
Makudunyiswe uYise, nenbodana : no’Aloya oy’iNgcwele ;
Njengokuba kwakunjalo ekuqaleni, kusenjalo namanje : kuyakuba njalo, kuze kube pakade. Amen.